Inkundla kaCOO
Balingani, bosonkontileka nomphakathi abathandekayo, Ngiyajabula ukunethulela ushicilelo lokuqala ngqa leS’fun Ukwazi. Leli bhukwana elingezilimi ezimbili (isiNgisi nesiZulu) sekunesikhathi lihlanganiswa kanti manje selihlangene. Njengoba igama lizichaza, inhloso yalo wukwazisa bonke abalingani beKangra ngaloko esikwenzayo ukusimamisa iKangra.
Igama lebhuku litonyulwe phakathi kwamakhulukhulu amagama abephakanyiswe ngabasebenzi baseKangra. Igama elidle umhlanganiso liqanjwe wuMalibongwe Gumbi, ngenhlanhla okubhalwe ngaye kulolu shicilelo lwaleli bhuku njengomunye wabantu abanekusasa eliqhakazile eKangra. Seloku iMenar, inkampani esingaphansi kwayo, yathenga le nkampani ngoDisemba 2018, kube yinselelo enkulu ukufukula imayini ebhekene nezinselelo ezinkulu. Bekudinga umsebenzi omkhulu wabanikazi benkampani, abasebenzi, izinyunyana nomphakathi ngokusebenzisana.
U-2019 kwenye inkathi bekuwunyaka onzima kwiKangra njengoba sibe yimayini yokuqala ukwabela abasebenzi nomphakathi izabelo enkampanini seloku uNgqongqoshe wezokuMbiwa Phansi uGwede Mantashe ashaya umthetho i-Mining Charter III, kubhoke nomkhiqizo wamathani amancane amalahle ambekayo, okwenze ukuthi kungabe kusaba lula ukuwasha amalahle ambiwe kwimayini. Loku kube yisikhathi esinzima kakhulu onyakeni, lapho izimboni zomkhiqizio obekufanele ukuthi zilungiswe kwaphoqa ukuthi iKangra ibhekane nesimo esingagwemeki sokudiliza abasebenzi abaningi ukuze inkampani ingavalwa.
Okube kuhle wukuthi seloku kwathathwa isinqumo sokuvala izimboni zomkhiqizo ngoMeyi 2019, kwagxilwa emkhiqizwenii, iKangra ikwazile ukukhuphula umkhiqizo wokumbiwayo wasuka kumathani awu-47 000, wafinyelela kwawu-100 000 ngenyanga ethimbeni kwi-Gus seam. Ukutshala ezimpahleni zokusebenza ezintsha nokulungisa ezinye eH Block kuthela izithelo kanti ukwanda komkhiqizo yinto enhle kakhulu eyenzeka emayini. Ezinyangeni eziyisithupha ezedlule, ngenkathi ngifika eKangra, ngiyakhumbula ngihleli egunjini lemihlangano ngithwele izandla ekhanda ngikholwa wukuthi akusoze kwenzeka ukuthi umuntu akwazi ukushintsha isimo sale nqola emasondosondo.
Kepha ngokusebenza ngokubambisana, imihlangano yokuhlela emide, ukonga namahora amade okuzikhandla, thina basebenzi nethimba labaphathi eKangra ngokuhlanganyela sikwazile ukulandela uhlelo lokusimamisa imayini. Nakuba singakafinyeleli ezingeni lomkhiqizo okufanele engabe sikulona, kepha siyaqhubeka nokuphucula izinto emayini kanti inhlansi yethemba isikhona. Asigcinanga nje ngokukwazi ukufukula imayini kepha futhi iKangra ihambe ibanga elide nomphakathi kulo nyaka. Sekusungulwe isigcawu somphakathi nemiphakathi esisebenzela onke yahlangana ukusungula isigcawu esisodwa.
Sisungule isiGcawu samaBhizinisi ne- Driefontein, Donkerhoek ne-Kransbank ukuze abantu bendawo bakwazi ukuqondana neKangra ngendaba yamathuba omsebenzi nentuthuko. IKangra inohlelo lokufukula imiphakathi olwaziwa nge-Strategic Intent Programme. Lolu hlelo lungenxa yokwehluleka ukuqhudelana kwemiphakathi empofu yasezindaweni ezinezimayini nezinkampani ezinkulu uma kubangwa imisebenzi emikhulu. Lolu hlelo luhlose ukucathulisa nokweseka le miphakathi ngezinto ezidingayo ukuthi ithole nayo emathubeni avela emayini. Okokuqala ngqa eminyakeni ewu-62, iKangra inike enye yemisebenzi emikhulu izinkampani ezincane zase-Donkerhoek/Kransbank nase-Driefontein.
Inkontileka yokuthutha amalahle iphume ngaphansi kohlelo lokucathulisana ngomsebenzi, iKangra engabaxhasi balo nomunye umlingani ukwelekelela izinkampani ezimbili zendawo ukuthi zithole amaphesenti awu-100 omsebenzi iminyaka emithathu kuya kwemihlanu. Le nkampani yendawo emele wonke umphakathi wemayini namaphethelo yenze ukuthi namakhosi endawo akwazi ukusebenzisana. Umsebenzi uhlelwe ngobunono ukuqinisekisa ukuthi bonke abalingani bayakwazi okufanele bakwenze ngalesi sikhathi.
Izinkampani zendawo sezivele ziwuqalile umsebenzi kanti kumanje zinamaphesenti awu-37 kulo msebenzi wokuthutha amalahle. Ngifisa ukuthatha leli thuba ukunibonga nonke ngeqhaza lenu ngokwenza iKangra ibe yindawo engcono kubasebenzi, osonkontileka nomphakathi. Sibonga kakhulu emalungwini ezinyunyana ngosizo lwenu nomsebenzi wokuzikhandla kulo nyaka wokubuyisela iKangra emgqeni nokunqanda ukuthi inkampani iwe.
Ngikubheke ngamehlo abomvu ukukhula kwenkampani esizokuzuza ngokuhlanganyela njengoba loku kuyinto emqoka ngekusasa lenkampani nokusimama komsebenzi.
U-2020 uzosiphathela ezinye izinselelo okufanele sizinqobe ngokuvulwa kwerisevu iKusipongo nendawo entsha yemayini entsha evulekile i-C Block. Ukubambisana, ukuxhumana okuhle nokuphokophela kuzosenza sinqobe simunye, kuthi ngokuhlanganyela sibeke iKangra esicongweni. Okokugcina, nokumqoka kakhulu, ngifisa ukukhumbuza bonke abasebenzi basemayini ukuthi umkhiqizo ophephile useqhulwini eKangra.
Ngiyanicela ukuthi ngaso sonke isikhathi niqinisekise ukuthi niphephile nalabo abaseduze kwenu. Isiqubulo sethu eKangra sithi “Umkhiqizo omuhle wumkhiqizo ophephile”.