Sekuyaphothulwa ukwakhiwa kwemizi ewu-23

U kwakhiwa kwemizi yemindeni engu-23 endaweni entsha exube imizi nezitolo e-Saul Mkhizeville, eMpumalanga, sekuyaphothulwa.

Lo msebenzi odle u-R14 million uyingxenye yemizamo yeKangra yokuphucula impilo yemindeni eyakhe eduze nemayini ngokuyakhela izindawo zokuhlala ezingcono endaweni ephephile futhi enokuthula.

Njengamanje le mindeni ihlala ezindllini zodaka, isebenzisa izindlu ezincane zemigodi neziyingozi nezingahlanzekile.

Le mizi emisha ebize cishe u-R15 million yakhiwe ngezitini ze-facebrick, zaphahlwa ngama-tiles, zafakelwa nezindlu ezincane ezishawayo, zonke ezakhiwe yizinkampani ezincane futhi okungezabantu ababencishwe amathuba phambilini kodwa umsebenzi wengamelwa yiKangra.

Le mizi izofakelwa nogesi. “Ukuthuthwa kwabantu nokwakhiwa kwemizi kuyisibonelo sokusebenzisana nobudlelwano obuhle phakathi kwabanikazi bemayini nomphakathi okuhloswe ngakho ukuphucula impilo yezakhamuzi zendawo, kusho uMxhumanisi noMphakathi uMnuz Simo Yende.

You can read more about the history of the project.

23_Houses_Project_Nears_Completion_1.jpg
23_Houses_Project_Nears_Completion_2.JPG