Ukubambisana nobuholi obuhle kuphucule umkhiqizo

PierreLouw4.jpg

IMenenja yeMayini u-Pierre Louw ufike eKangra ngoJuni 2019. Ufike evela kwenye inkampani yeMenar Group, i-ZAC, lapho abekade eyimenenja yemayini khona.

Ngenkathi u-Pierre, oneminyaka eyevile kwewu-20 embonini yezimayini, efika eKangra ngokomkhiqizo, imayini ibikhiqiza amathani amalahle aphakathi kuka-40 000 no-60 000 ngenyanga.

Wajutshwa yiSikhulu esiPhezulu soMsebenzi u-Bradley Hammond ukuthi aphucule lesi simo somkhiqizo ophansi emayini. Ngezinyanga ezimbili, umkhiqizo wakhula wedlula amathani awu-100 000 ngenyanga, agcina ewu-120 000 ngokuphela kukaSepthemba 2019, okuyizibalo ezinhle ezibonakale eminyakeni eyisikhombisa eyedlule.

IKangra inezinhlobo ezimbili zezimayini okungeyodwa evulekile nezintathu ezingaphansi komhlaba, lapho kumbiwa khona amalahle eSavmore-Maquasa, iH-Block nePit F amasha, kusetshenziswa khona abambayo namaloli namafosholo.

Enye indawo ethuthukiswa yimayini, iH-Block, yayiwumgodi ovulekile osuphendulwe imayini yomgodi ngokohlelo lweKangra i-life-of-mine (iLOM). U-Pierre uthi obunye ubuhle balo msebenzi wukuthi indawo yokumba emgodini yashintshwa ngenkathi ukumba kuqhubeka emayini esentshonalanga iSavmore-Maquasa. “Imayini entsha engaphansi komhlaba yenziwa ngaphandle kokuphazamisa umsebenzi.

Akubanga nabuhixihixi kangangokuthi ithimba elalisebenza khona lathola ibhonasi okokuqala. Ngaphezu kwaloko, uthi abasebenzi sebewubambile umbono wemayini, okwenze kwaba lula ukushintsha izinto, kwaphucula nomkhiqizo emayini.

Umsebenzi waseKusipongo Njengoba impilo yeminye imisebenzi isisemaphethelweni, iKangra ihlela ukuthuthukisa izindawo zezimayini ezintsha ukukhulisa umsebenzi okhona. I-Kusipongo inendawo yokucupha, phecelezi i-reserve, esemgodini yamathani ezigidini eziwu-41.9 kanti uma kulinganiswa indawo yokucupha eKusipongo, sicabanga ukuthi isalelwe yiminyaka eyevile kwewu-20.

“Ingxenye yeKusipongo engasentshonalanga nezimayini ezikhona izokwandisa impilo yemayini okuzohlomulisa abasebenzi bethu nomphakathi,” kusho u-Pierre.

I-Kangra ivele inelungelo lokumba noHlelo lokuBheka iMvelo eselaphasiswa leKusipongo, elaphasiswa wuMnyango wezokuMbiwa waseMpumalanga ngoJulayi 2017.

Ngaleli gunya lokumba leKusipongo, iKangra ibheka indaba yokwenza imigodi yamalahle evulekile emithathu endaweni yokumba yeKusipongo. Lapha kuyosuswa amalahle aseduze kusetshenziswa izindlela zokumba indawo evulekile nezindonga ezinde zalemigodi ukukwazi ukungena emalahleni asemgodini.

“Ngokubambisana, ukuhlela ngendlela efanele, ukuzikhandla, ukuxhumana kahle nethimba lonke nokwakha ubunye phakathi kweminyango yezobunjiniyela nowezezimayini, sikwazi ukuphumelela. Siyethemba ukuthi le ndlela yokwenza izinto nomqondo wabo bonke abalingani uzosifinyelelisa esicongweni,” kusho u-Pierre.