Imindeni ithole imizi emisha, ephuculiwe ohlelweni lokuthutha

Imindeni okwabonakala ukuthi ihlala eduze kwemayini noma leyo esemhlabeni imayini ezonabela kuyo eminyakeni edlule ibiloku inikwa imizi emisha emhlabeni weKangra, kude nalapho kusetshenzelwa khona.

Le misebenzi ihambisana nohlelo lokuthuthukisa amakhono lweKangra, onhloso yalo wukudala umsebenzi kosonkontileka bendawo ababencishwe amathuba.

“Uma imindeni isivumile, ibe isithuthelwa emakhaya ayo amasha anamapitsi, amathangi amanzi bese kwenziwa izinhlelo zokuthi imizi ixhunywe kugesi. Ithola nosizo lwemali ukunxeshezelwa ngokususwa,” kusho umXhumanisi weKangra noMphakathi uSimo Yende.

Kangra_Mhlongo_BuildingProgress4.jpg
Kangra_Mhlongo_NewHouses3.jpg
Kangra_Mhlongo_NewHouses1.jpg