Abawelisayo emgwaqweni baqikelela ukuphepha kwabafundi

Ukuba khona kwabantu abawelisana umgwaqo kuneqhaza elimqoka ekuqinisekiseni ukufundiseka kwabantu ngokuphepha emgwaqweni kanti babalulekile ekuqiniseni ezokuphepha kwabafundi bethu ezikoleni. Laba bantu badingeka kakhulu ezindaweni eziphithizelayo futhi ezingenawo kahle amarobhothi, okuyinselelo ebhekene nabantu base-Saul Mkhizeville.

Abasizi nje laba bantu ngokulawula umthamo emgwaqweni, kwehliswe ijubane futhi bawelise ngokuphepha abantu kodwa bayasiza ngokufundisa imiqondo yabantu abancane abawela umgwaqo, abafundi ikakhulukazi ngokubaluleka ngokuphepha emgwaqweni.

Lezi zizathu yizo ezenza iKangra kusukela ngo-2012 ixhase abantu abayishiyagalolunye abawelisana umgwaqo ngezimpahla zokuzivikela, indlu yokukhosela nesibonelelo sokubabonga nyanga zonke.

“Laba bantu batshalwe ezindaweni ezintathu ezimqoka e-Saul Mkhizeville ukuze bezosiza abafundi ukuthi bafinyelele futhi babuye ngokuphepha esikoleni,” kusho uMxhumanisi noMphakathi uMnuz Simo Yende.

Road marshal project9.jpg
Road marshal project1.png