Kusetshenzwe amahora angaphezu ku-2.3 million eKangra kungaphumi sidumbu

Safety Lead Michael Madonsela4.png

Ekupheleni kuka-Agasti 2019, iKangra ibisisebenze amahora awu-2 319 611 kungekho sigameko sokufa komuntu futhi iklonyeliswe ngalokhu wumkhandlu obhekelela ezokuphepha ezimayini, i-Mine Health and Safety Council ngokufinyelela emahoreni angaphezu kuka- 1 million kanti manje asewu-2 million kungafanga muntu.

Lokhu kushiwo ngoPhethe ezokuPhepha uMnuz Michael Madonsela. Uthe lokhu bakuzuze ngokuthi abaphathi bemayini bayisukumele indaba yokuphepha nanokuthi wonke umuntu akwenze umsebenzi wakhe ukunakekelana nanokuqikelela uma kusetshenzwa.

UMadonsela uqale ukusebenza eKangra ngo-2002 ngaphambi kokuhamba emayini ngo- 2007. Ubuye emayini ngo- 2010 nokuyilapho eqokwe khona njengobhekele ezokuphepha. NgoJanuwari 2014, ukhushulelwe ekubeni wuMphathi wezokuPhepha kanti sekuphele iminyaka emihlanu manje esibambile lesi sikhundla.

Uthi kusukela iMenar yathenga iKangra ngoSepthemba 2018, “kuqalwe kabusha” endleleni okugxilwa ngayo kwezempilo nezokuphepha emayini. Izinhlelo esezethuliwe futhi zaqinisiwa nokuhloswe ngazo ukuphucula ezokuphepha zibandakanya izinto ezifana nokubikelwa ngezokuphepha nsuku zonke, ukubonakala kwabaholi kanjalo nokubuyekezwa nokuhlolwa kwezempilo, ezokuphepha, ezokuvikela, umphakathi nezemvelo okwenziwa nyanga zonke nokunaka izidingo zabo bonke abasebenzi ngokubeseka nokubacathulisa. UMadonsela wesekwa yithimba labantu ababhekele ezokuphepha ababheka ukuthi yonke imigomo iyalandelwa enkampanini yonke yakwaKangra kubona bonke abasebenzi, kulabo abasemahhovisi nalabo abasemgodini emayini.

Sigxile ekutheni nangamaholidi kungabi bikho zigameko “Sizinikele ekutheni kungabi bikho noyedwa olimalayo ngoba ukulimala komuntu oyedwa nakho kukodwa kuyinkinga. Injongo yethu kuyohlale kuwukugwema ukuthi kungabi bikho muntu ofayo emsebenzini futhi nabalimalayo bangabibikho.

“Njengoba sekusondele amaholidi sigxile kakhulu ekutheni abantu abazinakekele. Sesethule uhlelo olugqugquzela loku ukugcizelela ukubaluleka kokunakekela impilo ngoba sikholwa wukuthi umsebenzi owumqemane wumsebenzi ophephile,” kusho uMichael.