Kuthele izithelo ukuzikhandla nokubekezela kuMalibongwe

Underground Engineer Malibongwe Gumbi11.png

UMalibongwe Gumbi, ono- 27, ukhushulelwe ekubeni wunjiniyela wasemgodini eKangra mhla ka-1 Agasti 2019, ngenxa yokusebenza ngokuzikhandla ngaso sonke isikhathi nomsebenzi wakhe omuhle kusukela aqala ukusebenza kule mayini.

UMalibongwe ozalwe, wakhulela oPhongolo, esigodini saseMagudu, enyakatho yeKwaZulu-Natali (e-KZN), wafunda ezikoleni zamabanga aphansi eMagudu, wabe eseyoqedela amabanga aphezulu eJozini lapho afunda khona eGugulesizwe Secondary School, Rulapho aphasa umatikuletsheni ngo-2010 khona.

Seloku kwathi nhlo, isifiso sikaMalibongwe kwakuwukuyofunda enyuvesi bese eba wunjiniyela kagesi, kepha wayazi ukuthi ngenxa yesimo sokuntula sakubo kwakuzoba nzima loku. Kepha ngo-2011 esahlabe ikhefu, esebenza epulazini eKZN, wahlangana no-Wenche Eimhjellem wase-Norway, amxoxela ngesifiso sakhe sokuba wunjiniyela kagesi.

U-Wenche akagcinanga ngokukhuthaza uMalibongwe ukuthi afeze isifiso sakhe kepha futhi wamsiza ngokumkhokhela ukuthi ligcwaliseke. Waqeda ingxenye yokufunda ehlalelwa edeskini ngo-2014, wathola ithuba lokuthwasela umsebenzi ezinkampanini ezehlukene nakwezinye izikhungo zemfundo zokuqeqeshwa ezindaweni ezehlukene eKZN.

NgoMeyi 2015 uMalibongwe waqala eKangra eyithwasa, wathola i-P1 ne-P2, okudingekayo ukuphelelisa izicucu zobunjiniyela bukagesi. Ngenkathi uMalibongwe eqala ukusebenza eKangra, wahlangana neMenenja yezobuNjiniyela u-Herman Wohlitz, owamcathulisa ngenkathi esaqeqeshelwa i-P1.

Kwathi ngenkathi eseqeqeshelwa i-P2, wacathuliswa wuNjiniyela we- Surface and Plant u-Ernest Searle. Omunye umuntu owamfukamela eKangra yiMenenja yezobuNjiniyela baseMgodini u-Driekus Nothnage, owayemeluleka, emeseka ngenkathi eseyiNduna Jikelele yezobuNjiniyela emGodini.

Womathathu la madoda akhuthaza uMalibongwe ukuthi enze i-Government Certificate Competency (i-GCC), okuyisitifiketi sobunjiniyela bezokukhenikha nobukagesi esidingeka uma umuntu eseqede u-P2. Ngo-Agasti 2016, waqala i-GCC. Waqala ukubhala izifundo zokuhlolwa kwe-GCC ngo- 2018, waphasa isifundo solwazi lomthetho. NgoJuni 2019, waqeda isifundo sesibili se-GCC okungesobunjiniyela basembonini yomkhiqizo. Ngenxa yokubona ukuphokophela kwakhe nemiphumela emihle, iKangra yaqasha uMalibongwe njengoNjiniyela wasemGodini.

UMalibongwe ngenkathi efunda phakathi kwango-2016 kuya ku-2019, wenza imisebenzi eminingi eKangra phakathi kwayo okukhona ukuba yiBamba Underground Engineer, i-Surface Engineer, i-Plant Engineer, i-Plant Mechanical Foreman neMfolomane ye-Boilermaking, konke okufakazela ukuthi usezuze ulwazi lwezindawo eziningi ngenkathi esebenza eKangra.

Ngaphezu kwaloko, ngoFebhuwari 2019 uMalibongwe wenziwa iNduna Jikelele yomKhiqizo wasemGodini, okuwumsebenzi awenza kwaze kwaba uphasela i-GCC, evame ukubizwa nge‘Thikithi’. Impumele iqala ngokuzethemba Uthi ithimba labaphathi emayini limphathe kahle kakhulu “ubonga uyanconcoza isikhathi, umsebenzi nezinto iKangra ezisebenzisile ukungenza umuntu ongcono”.

“Engikuzuzile eminyakeni edlule kukhulu emehlweni ami nawomndeni wami. Ngikholwa wukuthi isizathu sokuzuza konke engikuzuzile yingenxa yemithandazo kamama, ukuzethemba nosizo oluningi engiluthole ebantwini abaningi. Ukuze abanye abantu bakholelwe kuwena, kudingeka ukholelwe kuwena kuqala.” Kunesiqubulo aphila ngaso uMalibongwe.

Sithi: “Uma into ingangisizi ngalutho, yimi kuphela ongayishintsha. Umqondo uyinto yonke. Uma unomqondo omuhle, ayikho inselelo enganqobeki. Loku kuhlangane nokuzilawula kunganqoba noma yini engabukeka ingeke yenzeke.” Uthi: “Njengonjiniyela wasemgodini ngibhekwe wumsebenzi wokuphepha kwabo bonke abantu abasemgodini, okuwumsebenzi omkhulu nengingawuthathi kancane neze. Ukuphepha kuseqhulwini eKangra. Sidinga ukufeza injongo yethu ethi ‘Kungalimali noYedwa’ ebalulekile ukuze umkhiqizo uhambe kahle ngazo zonke izikhathi.”

Ukuzibekela Imigomo Okwamanje isifiso sakhe wukuba wunjiniyela onolwazi namakhono amaningi okwazi ukuqhamuka nekhambi lazo zonke izinkinga emsebenzini imayini ebhekene nazo. Kukude lapho eya khona uMalibongwe njengoba efisa ukuqhubeka nokufunda nokuphucula amakhono akhe emkhakheni wezimayini, kanti isifiso sakhe esikhulu wukuba wumqondisi ophethe inkampani yezimayini enkulu ngelinye ilanga. Kodwa okwamanje isifiso sakhe esikhulu wukuthola iziqu i-MBA ngaphambi kokuthi abe no-35. “Ngifisa ukuqhubeka nokufunda, ngifunde konke engingakufunda ngalo msebenzi,” kuphetha uMalibongwe.