Owemenenja-jikelele:
Into enkulu esigxile kuyona ukuthi kuhlale kunezinga eliphezulu lokusebenza. Ukuthuthukisa ngempumelelo Udumo neBalgarthen Adits kucabe indlela yokuthi siqale simbe esabelweni iKusipongo. Njengoba yonke le misebenzi isiqalile, simi ngomumo ukwandisa isikhathi sokusebenza kwemayini, okuzokwandisa ukuzinikela kweKangra okudala ukwakha imisebenzi, ukusimama komnotho nentuthuko yomphakathi.
Ithimba laseKangra elizinikele, liphokophele ukwenza umsebenzi osezingeni eliphezulu, lilekelelwa yizindlela zokwandisa umkhiqizo. Kusukela yasungulwa ngo-1957, iKangra iyinsika yomnotho esifundeni kanti ukukwazi ukuqhubeka nokusebenza ngemva kokuphela kokumbiwayo esabelweni iMaquasa kumqoka ekuqinisekiseni igalelo eliqhubekayo emnothweni eminyakeni ezayo.
Senze imisebenzi eshintshe izinto emphakathini ngemikhankaso enjengoHlelo lwezeNhlalo nezemiSebenzi nokunikela emphakathini. Isibonelo nje, ukufaka ompompi bamanzi eDonkerhoer ngaphansi kweYende Farmers Trust kuyingxenye yomsebenzi oqhubekayo ukuphucula izimpilo zabantu basemakhaya. Injongo yethu ukusiza imizi emapulazini ayisishiyagalombili ukuthi akwazi ukubanamanzi. Ngaphezu kwalokho, sibambisane nomasipala wendawo eMkhondo ukuthula uMsebenzi wokuPhucula uMgwaqo. Lo msebenzi uzolungisa izikhisi ezikuMlotshwa Road, ongamakhilomitha angu-18, oya eDriefonteni ukusuka kuN2.
Siyayinakekela imvelo, hhayi ukwenzela ukuthobela umthetho kuphela, kodwa ngoba yinto elungile. Imikhankaso enjengokulungisa iBlock C nokuhambisana nemithetho yemvelo ukukhombisa ukuzibophezela kwethu ukwenza umsebenzi wokumba ngobuqotho. Okunye esikwenzile ukuqala indawo yokuhlanza amanzi eBalgarthen, nokuhlola amanzi masonto onke ukugada ukungcola kwemithombo yamanzi ukuqinisekisa ukuthi umsebenzi wethu uhambisa ngezindlela ezonga imvelo.
Sizibophezele ekuqiniseni ubudlelwano nemiphakathi esisebenza kuyona ngokuvama ukuba nezithangami zokuxhumana ezisemthethweni nezinhlaka zikahulumeni, ezinjengomasipala wendawo oseduze nemayini.