I-Balgarthen inyukela esicongweni

Isithombe saphezulu samahhovisi ase-Balgarthen Shaft

Ukuduma okungapheli komshini wokumba umbaamalahle kungubufakazi bomsebenzi onzimaowenzeka eBalgarthen A Shaft.  Lo mgodi uqhuba kahle njengoba ngezinye izinyanga ubangaphezu kwezinjongo ezibekiwe. “Umgomo wethu wenyanga ngamathaniangu-42,000. Nokho siwudlulile lo mgomo, okukhombisa ukukhuthala kwethu namandla okudlondlobala ngokukhiqiza amathani angu-76,000 amalahle ngoMfumfu wango-2023,” kusho imenenja jikelele, uPaulRedelinghuys.

I-Balgarthen ingenye yama-Adits enziwe yimayini ukungena ngaphansi eKusipongo enamalahle alinganiselwa kumathani ayizigidi ezingu-41.9, azokwazi ukwandisa isikhathi sokusebenza kweKangra iminyaka engaphezu kwengu-20.

Iseningizimu-ntshonalanga ngamakhilomitha alinganiselwa kwangu- 25 e-Udumo, umgodi wokuqala owenziwa ukufinyelela eKusipongo ngo-2022. Ukwakhiwa kweBalgarthen kwaqala ngasemaphethelweni ango- 2022. Ukumba eBalgarthen A kwenziwa ngendlela yebhodi nensika, okuphindwa emva kwama-shift amabili. “Sinethimba elihle eBalgarthen, elisenze sakwazi ukusebenza kahle,” kusho uPaul. I-Balgarthen B, umgodi omikahle ukuthi ungambeka ngeBalgarthen A yiwona ozolandela ukuthuthukiswa kanti uzoqinisekisa ukuthi iKangra ihlala isebenza futhi ikhiqiza, ngisho nangaphansi kwezimo ezinzima kanjani.

Ngasemaphethelweni emayini, iBalgarthen izoba yindawo yokungena emsebenzini weT4, okuzosho ukwanda indawo engambiwa