Wevile ku-R535 million umsebenzi otholwe yizinkampani ezazincishwe amathuba
Kusukela ngoJanuwari kuya kuSepthemba iKangra ithenge impahla engaphezu kuka-R535.86 million ezinkampanini ezimi kahle uma kuziwa kwi-Black Economic Empowerment (i-BEE). Kulindeleke ukuthi uthi uphela lo nyaka le mali ibe isinyukele ku-R600million.
Ngaphezu kwalokho, kulezi zinyanga eziwu-12 ezedlule, iKangra isebenzise imali engaphezu kuka-R33.52million ukuthenga impahla emiphakathini yendawo, lokhu kushiwo nguNksz Michelle Pretorius oyiMenenja yezokuThengwa kwempahla nomsebenzi.
Uneminyaka emihlanu esebenzela iKangra njengoba phambilini ebesebenza kuwona lo mnyango ngaphambi kokukhushulelwa kulesi sikhundla asiphethe.
Lo mnyango yiwona oqondene nokuthenga yonke into edingekayo kusukela kwebiza imali encane njengamapeni kuye emishinini emikhulu nokunye okusuke kudingeka. Njengengxenye yemizamo yokuphucula ukusebenza nemiphakathini yendawo iKangra yandise amathuba avulela abantu basendaweni.
Lokhu kungezinye zezinto iMenar, abanikazi abasha beKangra, abagxile kuyo. I-Menar ithenge iKangra ngegama lenye yezinkampani zalo, iCanyon Coal ngoSepthemba ngonyaka odlule.
“Okunye esikwenzayo ngaleso nangaleso sikhathi wukuthi izinto ezincane sizithenga kosomabhizinisi bendawo nosekuthuthukisa ulwazi lwabo futhi kuphucula nezinga lo msebenzi wabo nanempahla abayidayisela imayini,” kusho u-Michelle. Izinkontileka ezisanda kunikwa izinkampani zendawo:
1. Ukuhlinzekwa ngokudla nezimpahla zokuhlanza indlu.
2. Inkontileka yemishini yeventilation yangaphansi komhlaba inikwe inkampani yendawo okokuqala ngqa. Iqokwe ngo-2018 kanti lo msebenzi izowenza iminyaka emibili, ngaleso sikhathi iKangra izobe isebenzisana nale nkampani ukuqikelela ukuthi uyakhula umsebenzi wayo. Osonkontileka baqashelwe ukuqinisekisa ukuthi yonke imishini yeventilation yakhiwe kahle, inakekelwa kahle futhi ifakwe kahle yonke indawo lapho idingeka khona.
3. Inkontileka yokunakekelwa kwezindlu ezincane okufaka ukuhlanzwa kwazo zonke ezisetshenziswa emahhovisi nalezo ezisetshenziswa abasebenzi abasebenza emgodini.
4. Ukuthululwa kwezindlu ezincane.
5. Ukuhlanzwa kwebhande elithutha impahla elingaphansi komhlaba.
6. Ukuhlanzwa kwayo yonke indawo okungenzeka ukuthi kuchitheke kuyo amalahle.
7. IKangra isiqoke nenkampani esebenzisana nayo ukulekelela ukuthuthukisa osonkontileka ababili ngomsebenzi wokuthuthaamalahle ngomshini.
8. Lokhu kuzokwandisa amathuba okwenza umsebenzi ongangenisa imali engaphezu kuka-R40 million kosonkontileka kulezi zinyanga eziwu-12 ezizayo nokuyimali ezonyuka minyaka yonke uma konke kuhamba kahle.
9. Ukwakhiwa kwehholo lomphakathi.
Izinkontileka ezizonikezwa izinkampani zendawo maduze:
1. Umsebenzi wokunakekela ingadi.
2. Ukuthuthwa kwabasebenzi basemayini beza noma besuka emayini beya emadolobheni imayini eyakhelene nawo. Ngaphezu kwalokhu, u-Michelle uthi uMnyango wokuThenga impahla usuqale indlela yokushintshanisa osonkontileka ukuze umsebenzi unikezwe imiphakathi enhlobonhlobo ukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu uyawathola amathuba ebhizinisi akhishwa yimayini.
“Kumqoka ukuthi lokhu sikwenze ngendlela enobulungiswa futhi nanokuthi kube nendlela ezovumela yonke imiphakathi ukuthi ihlomule ngamathuba ebhizinisi aqhamuka emayini,” usho kanje.
Ukuthuthukisa ukugcinwa kwemigomo ye-BEE I-Mining Charter ithi kumele u-80% wemali imayini ethenga ngayo kube wukuthi ithenga ezinkampanini zaseNingizimu Afrika:
• U-50% wezimpahla kumele kube ngothengwe kulabo ababencishwe amathuba phambilini.
• U-15% kumele uthengwe ezinkampanini eziphethwe futhi ezilawulwa ngabesifazane.
• U-5% kumele uthengwe ezinkampanini zentsha.
• U-10% kumele uthengwe ezinkampanini ezihambisana nemithetho ye-BEE.
Ngo-2017, ukugcinwa kwemithetho ye-BEE eKangra kwakuwu-58% kuphela, ngo- 2018 lokhu kukhuphukile kwafinyelela ku-85% kanti manje sekumi ku-88% futhi kulindeleke ukuthi kufinyelele ku-90% uma kuphela unyaka.
“Sizinikele ekwesekeni abantu ababencishwe amathuba phambilini nosomabhizinisi bendawo ngendlela esithenga ngayo. IKangra izimisele ukugqugquzela ukufukula osomabhizinisi abamnyama ukuthenga ezinkampanini zendawo nokweseka ukuthuthukiswa kwamabhizinisi endawo,” kusho u-Michelle.