Kuphuculwe izindlu ezincane zaseQalani Primary School

Qalani Primary School ablution facilities upgraded.jpg

IKangra ihlinzeka iQalani Primary School ngezindlu ezincane eziphephile zesikhashana ukuqinisekisa ukuthi abafundi bakwazi ukufundela endaweni ephephile nehlanzekile.

IQalani yisikole somphakathi esise-Saul Mkhizeville ngaphansi kukaMasipala waseKhaya uMkhondo lapho iKangra, inkampani engaphansi kweMenar, esebenzela khona.

Phambilini bekunezindlu ezincane ezinemigodi ebezivama ukugcwala indle okuyingozi kubafundi ngokwezempilo nezokuphepha. Ngenkathi uSimo Yende aziswa ngobunzima obukhona esikoleni nengozi abafundi abalengela kuyona, wahlela ukuthi imayini inikele ngezindlu ezincane ezihambayo esikoleni.

“IKangra inikele ngezindlu ezincane okwesikhashana, njengoba inhloso kuwukwakha izindlu ezincane ezisesimweni esifanele. Sinezingxoxo nabakhi abakhulu bethu ukuthi babambisane nathi ukuthi bakhele isikole izindlu zesimanje njengengxenye yomsebenzi wokubuyisela emphakathini,” kusho uYende.

UThishanhloko waseQalani Primary School uMG Luthuli ubonge iKangra, wathi: “Lo mnikelo wezindlu ezincane ezihambayo siwubonga kakhulu njengoba ziwusizo olukhulu kulesi simo abafundi nothisha ababhekene naso.” IMenenja ePhethe u-Vuslat Bayoglu igcizelele ukuthi ukusiza abantu bendawo uma indlela ikhona kuyinsika yomsebenzi wezinkampani zaseMenar.

“Izindlu ezincane zimqoka esithunzini somuntu nomuntu. Bekufanele singenelele. Sihlale sizama ukufukula imiphakathi yalapho sisebenzela kona namaphethelo ngendlela ebonakalayo ukuqinisekisa ukuthi sishiya umsizila omuhle,” kuphetha u-Bayoglu.

ibhuku, ezomphakathiMenar