Seliyaphela ihholo lomphakathi lase- Kransbank

Ihholo lomphakathi lase- Kransbank, lapho kuzobanjelwa khona imihlangano yomphakathi, imicimbi yobumnandi neminye imicimbi yomphakathi, lizophela maduze nje.

Leli hholo lakhiwa yinkampani yabantu abamnyama yendawo kanti iplani nokwakha kubhekwe yiKangra. Ihholo lizomumatha abantu abacela ku-150 uma seliphothuliwe.

Okwamanje umphakathi imihlangano neminye imicimbi ubuyenzela emnyango ngaphansi kwezihlahla, obekwenza ukuthi ishiswe yilanga, idlale amakhaza, umoya nemvula.

UmXhumanisi nomPhakathi uSimo Yende uthe: “Umphakathi ucele iKangra ukuthi uyisize ukuze ukwazi ukwenza izinto zawo ngesizotha, lapho kwavela khona umqondo wokwakha ihholo. USimo wengeze ngokuthi ukudluliselwa kwehholo, elakhiwe ngemali ecela ku-R300 000, kuzokwenzeka maduze nje.

Community hall project2.JPG
Community hall project4.JPG