Ukuthuthukisa abantu kuseqhulwini eKangra

SiyabongaMghobozi.jpg

Izinkampani zinomsebenzi wokweseka abafundi bakamatikuletsheni, asebeqedile enyuvesi nabasebenzi babo ukuthi bathuthuke empilweni yabo kanjalo nasemsebenzini ngokubanika amathuba okuthi baqhube izifundo zabo nangokubaqeqesha.

Lowo msebenzi wokuqikelela ukuthi abantu bayathuthukiswa uqondene noMnuz Siyabonga Mgobhozi.

UMgobhozi uthi enye indlela yokukhulisa amakhono wukuhlomulisa abantu ngemifundazwe. Njalo ngonyaka iKangra ihlomulisana ngemifundazwe nokuyingxenye ye-Social and Labour Plan yayo yemikhakha efana ne-mine surveying, geological sciences, ezemvelo, ezokucwaningwa kwamabhuku, ezokuphathwa kwabantu, ezobunjiniyela bukagesi kuya kulabo bafundi abasanda kuphothula umatikuletsheni. Ukuqala ukubheka izicelo zabazohlomula ngemifundazwe ngo-2020 kuqale ngo-Okthoba 2019 futhi kunezicelo eziningi ezifakwe abantu bendawo ezicutshungulwayo.

“Le mifundazwe siyikhangisa emiphakathini kanti abahlomulayo bakhethwa ngokuthi basuke benako konke okudingakalayo,” kusho uMgobhozi. Uchaze nanokuthi le mifundazwe ikhokhelwa yonke iminyaka umfundi asuke eyifunda, ikhokhela izifundo, indawo yokuhlala, imali yenyanga, ama-laptops, izincwadi kanjalo nezinye izindleko zokufunda. Njengamanje abafundi abayisithupha abahlomule ngemifundazwe bafunda emanyuvesi ahlukene eNingizimu Afrika okukhona kuwo i-University of Johannesburg, i-Durban University of Technology, i-Stellenbosch University, i-Wits University neMangosuthu University of Technology.

UMgobhozi uthe iziqu zesanyuvesi zibiza okungenani u-R220 000 ngonyaka kanti kuthatha okungenani iminyaka emithathu ukuziphothula, nokusho ukuthi iKangra itshala imali engaphezu kuka-R650 000 ngomfundi ngamunye uma esuke esafunda.

“Kukhona nabanye abaqeqeshelwa umsebenzi wobunjiniyela, ababili sebekuphothulile ukuqeqeshwa kwabo. Kukhona nabafundi abahlanu abafunda ngezasemayini nabo abaqeqeshwa ngemisebenzi enhlobonhlobo yasemayini,”

kusho uMgobhozi, engeza ngokuthi iKangra isebenzisa okungenani u-R900 000 ngonyaka kulaba bantu abaqeqeshwayo.”

Ngaphezu kwalokho ugcizelele omunye umunxa omqoka womnyango wakwandabazabantu ukuthuthukisa abantu abasebenzela iKangra abafisa ukuqhuba izifundo. “Kuyathokozisa kakhulu ukusiza abasandakuqeda emanyuvesi, abaqeqeshwayo nabasebenzi ekukhuleni emsebenzini wabo,” kusho uMgobhozi. Ngo-Siyabonga USiyabonga uneminyaka engaphezu kwewu-17 esebenza emkhakheni wakwandabazabantu kanti uqokelwe ukuba ngumphathi ngoMeyi 2019.

Usebenze emikhakheni yamalahle, i-platinum, igolide, i-chrome, usimende nezinkwali nokumenza abe namava embonini yezimayini.