Ukuphucula izinto kunciphise izikhathi zokulayisha e-Panbult Siding
IMenenja ye-Logistics and Siding u-Bruce Ince isihlale eKangra kusukela ngo-2017 kanti isebenze iminyaka engaphezu kwewu-20 embonini yezimayini zamalahle.
Ubhekene nokuphatha i-Panbult Siding e-Piet Retief, eqhele ngamakhilomitha awu-30 emayini, okuyinselelo ngokwakho, okudinga ukulawulwa ngobuhlakani ukuze amaguzu akwa-Transnet alayisheke kahle nangesikhathi ukuthuthela impahla e-Richards Bay Coal Terminal.
Uthi amalahle athwalwa ngamaloli esuka emayini lapho ebondelwa khona ndawonye ngaphambi kokuthi alayishwe emaguzwini. Imvamisa kulethwa amalahle angamathani awu-7 000 e-Panbult, lapho okufika khona izitimela ezibalelwa kwezinhlanu ngesonto ukulanda amathani amalahle acela ku-41 500 ngesonto.
U-Bruce uthe ngenkathi eqala e-Panbult Siding izikhathi zokulayisha zazidlula emahoreni ayisithupha kufinyelele kwayisishiyagalombili, okuyisikhathi esingaphezu kwamahora amane avamile embonini yokulayisha i-Jumbo, iguzu elinezinqola eziwu-100.
Loku kwakudla imayini ephaketheni ngezindleko zikaloliwe ezingenasidingo. Kepha uthi seloku iMenar yathenga iKangra ngoSepthemba 2018 sesinciphe kakhulu isikhathi sokulayisha, njengoba amaguzu amaningi eselayishwa isikhathi esingaphansi kwamahora amane.
Uthi: “I-Menar isiphucule izindlela zokusebenza emsebenzini wonke, okwenza kusheshe izinto. Indlela isikhulu esiPhezulu soMsebenzi u-Bradley Hammond esenza ngayo izinto ngokuba yisibonelo ihamba phambili, okwenza wonke umuntu azinikele ngokuphelele ukuthi imayini yenze konke okusemandleni kubalingani bayo okungabasebenzi nomphakathi.”
Ngaphezu kwaloko uthi ngokweseka izimenenja zeminyango ukuthi ziyilawule kahle, loku kuzinika amandla neqholo lokwenza umsebenzi wazo zisazi ukuthi zesekwa ngabaphathi abakhulu.
“Ngizizwa ngihlomile, okuzwakala ethimbeni lami lamalungu awu- 30, okunosonkontileka kulona, kanti loku kuletha impumelelo kwi-siding, engingangabazi ukuthi kuzoqhubeka, kuphucuke ngomuso,” kusho u-Bruce.