Ukufundela umsebenzi kunike uNondumiso isisekelo kwezakwandabazabantu
Ithwasa lezifundo zakwandabazabantu uNondumiso Ngwenya, ono-22, uqeqeshwa ngokugcwele emkhakheni wezakwandabazabantu ohlwelweni lonyaka lokuthwasela umsebenzi eKangra.
UNondumiso wenze i-Diploma in Entrepreneurship e-Cape Peninsula University of Technology, eNtshonalanga Kapa, kepha efisa ukufunda kabanzi ngokuphathwa kwabantu emsebenzini, wabe esefaka isicelo sokuthwasela umsebenzi emnyangweni wezakwandabazabantu e-Canyon Coal.
Waqala eyithwasa lezifundo zakwandabazabantu ekomkhulu lase-Canyon Coal e-Sandton, eGoli, kwathi ngoFebhuwari washintshelwa ohlelweni lokufundela umsebenzi enkampanini engaphansi kweMenar, okuyimayini iKangra e-Saul Mkhizeville, eMpumalanga ngoJuni 2019.
Njengoba kade engenalo ulwazi lomkhakha wezimayini, uNondumiso usheshe wafunda imicikilisho nezinto ezithinta ubudlelwano nabantu nomsebenzi okuhambisana nomkhakha wezimayini. “Ngisheshe ngangenwa wuthando lwemboni njengoba sengiqonda lo mkhakha nabantu abakuwona. Ukusebenza ekomkhulu kwakumnandi ngendlela yako kepha ukusebenza emayini qobo lapha eKangra kumnandi kakhulu,” kusho yena. Uthi ukuba sekhaleni lomsebenzi kwabanzima ekuqaleni.
“Ekomkhulu sasisebenza ehhovisi kakhulu, siya ngaleso sikhathi ezimayini. Lapha sihlale sisemayini nsuku zonke, ngakho kuhlale kukhona into entsha esiyifundayo. “Ngifunde izinto eziningi engikujabulele kakhulu kuze kube manje,” kusho uNondumiso.
Iphupho Lakhe Isifiso sakhe wukwandisa ulwazi lwakhe kwezakwandabazabantu nokufunda okuningi ngalesi sikhathi esimsalele ethwasela umsebenzi, okuzophela ngoFebhuwari 2020.
Ngemva kwaloko uNondumiso angathanda ukuba yimenenja yakwandabazabantu bese kuthi ngemva kwaloko abe yimenenja jikelele noma umQondisi oPhethe .
“Ngizibonele ngawami ukuthi sikhona isikhala sokusimama kwezomnotho kwemboni yezimayini yaseNingizimu Afrika eholwa ngabantu besifazane abamnyama abasebasha. Ngikholwa wukuthi uma ngithuthukisa amakhono ami nolwazi, ngelinye ilanga ngiyofinyelela esicongweni kulo mkhakha,” kusho yena.