Kuyacaca ngokusebenza kukaMduduzi ezimayini

 UMduduzi Shoba, oqeqeshelwa ukusebenza ezimayini

UMduduzi Shoba uzimisele kakhulu kunakuqala ukufeza amaphupho akhe njengoba esebenza eKangra. UMduduzi, odabuka Emahashini, isigodi esincane esakhele nemayini, waba ngunogada isikhashana emva kokuphothula uMatikuletsheni ngo-2018 kodwa emva kwalokho wangawuthola umsebenzi oqondile.

Kwavela inhlasi yethemba ngo-2022 ngesikhathi ebona isikhangiso esasigqugquzela amalungu omphakathi anezifundo zezibalo nesayensi ukuthi afake isicelo sokungena ohlelweni lokuthuthukisa amakhono emayini. “Kwakunezikhangiso ezindaweni zomphakathi ezifana nezitolo. Ngacabanga ukuthi leli kungaba yithuba elihle ngakho ngafaka isicelo,” kusho yena.

Umhlaka-29 Meyi 2023 yilanga uMduduzi aqale ngalo ukusebenza eKangra. Ufunde lukhulu ngezimayini ikakhulukazi ukubaluleka kwezempilo nokuphepha. “Ngicabanga ukuthi kumqoka. Into abahlale besifundisa yona ukuthi ungamba noma amalahle angakanani kodwa ukuphepha yikona okubalulekile,” kusho yena. Uthuthukisa amakhono akhe ngesitifiketi sokuqhumisa emayini eWitbank College. UMduduzi uthola ugqozi kumuntu omcathulisayo nowengamele imayini iBelgarthen, uMusa Ntsele. “Eminyakeni eyishumi ezayo kusukela manje, ngifuna ukufana noMusa, ngihole ithimba elinamandla futhi ngephule amarekhodi okukhiqiza,” kusho uMduduzi.