Umsebenzi wokwengeza ukuphakelwa kwamanzi

Granspan - Water project1.JPG

Uhulumeni ubuhlinzeka umphakathi wase-Kransbank ngamanzi athathwa emathangini amanzi kodwa akuyona yonke imindeni ebixhunyelwe kula mathangi.

Ukulungisa lesi simo, iKangra isebenzise u-R900 000 ukwengeza ukusatshaliswa kwamanzi ngamakhilomitha amahlanu kusuka esiphethwini esiseduzane nosekusize ukuphakela eminye imindeni eyisishiyagalombili amanzi.

“Lokhu sekuphucule impilo yale mindeni njengoba manje isithola amanzi ahlanzekile ekhaya nosekusho ukuthi ayisadingi ukuhamba ibanga elide ukuze ithole amanzi ahlanzekile,” kusho uMxhumanisi noMphakathi uMnuz Simo Yende.