ULindiwe uzinikele emsebenzini wakhe

I-Roof bolter operator, uLindiwe Mnchunu

Usuku olujwayelekile uma esemsebenzini uLindiwe Mnchunu oyi-roof bolter operator, lusho ukuthi uzama ukusebenza emgodini osuke ungakhanyi okutheni, kunelambu elimkhanyiselayo kancane. Uyanyakaza kancane ezama ukuthola indawo efanele ukuze abeke kahle umshini wakhe ukuze ezomba kahle izimbobo okungena kuzo amabhawodi ophahleni ukuze lubopheke kahle.

Ama-roof bolter operator aneqhaza elikhulu ekuvikeleni abantu ezintweni eziwayo njengamatshe nakwezinye izinto ezidilikayo. Ubunyoninco bomsebenzi wabo bunesandla ekusebenzeni kahle nasekuphepheni kwemayini. ULindiwe owaqeqeshelwa ukuba yi-roof bolter operator cishe eminyakeni eyishumi edlule usebenzela emgodini weKangra iBalgarthen. Ugqugquzelwa wuthando lomsebenzi wakhe nasekuzinikeleni kwakhe ukunakekela abantwana bakhe. Umsebenzi wakhe omkhulu ukuqikelela ukuphepha. “Ngivikela indawo ukuze uphahla lungadiliki. Kusho nokuthi ngiyavuka ekuseni ngiyosebenzela izingane zami. Ngiyaziqhenya ngalokho,” kusho yena. 

ULindiwe uqale ukusebenza eKangra ngo-2014 futhi wadilizwa ngesikhathi kuhlasele iCOVID-19 ngo-2020. Ngo-2021 waphinde wafaka isicelo, wabuya. Ngaphambi kwalokho usebenze emgodini eyi-general worker kwenye imayini kusukela ngo-2009 lapho aqeqeshwa khona njenge-roof bolter operator. Ngaphambi kokungena embonini yezimayini uLindiwe ubesebenza efemini, egaraji futhi uke wavolontiya emtholampilo wasendaweni. ULindiwe ukhuthaza abesifazane ukuthi babheke amathuba embonini yezimayini. 

“Ngingathanda ukugqugquzela abesifazane ukuthi bangene ezimayini. Kunempilo lapha futhi ungakwazi ukuziphilisa,” kusho yena.