Umgodi omusha ufike nokuhle empilweni kaThembelihle

UThembelihle Yende, owenza ugesi, uhlela ukuhlolelwa eColliery Training Centre

Oke wanenkinga yokushoda ngamathuba nanokunqindwa imali, uThembelihle Yende waseDonkerhoek uzithole esengomunye wabantu abasha abawu-50 abaqokwe ukuthi bangene ohlelweni lokufundisa amakhono lweKangra ngo-2022 okuholele ekutheni agcine esengumsizi womuntu owenza ugesi emayini. 

Yize wayenesifiso sokuba ngunjiniyela emva kokuphothula uMatikuletsheni ngo-2017, ukuntula imali kwamnqinda kwaze kwavela ithuba eKangra. “Ngangifisa ukuqhubeka nokufunda emva kokuphothula uMatikuletsheni kodwa abazali bami babengenayo imali yokukhokhela izifundo. Ngakho ngahlala ekhaya ngaze ngafaka isicelo eKangra,” kusho uThembelihle.

Emva kokungena ohlelweni, abebeqeqeshwa babenziswa imisebenzi enhlobonhlobo ngesikhathi beqeqeshelwa i-roof bolting, ukusebenzisa imishini yasemigodini, ukwenza ugesi, okungamanye amakhono abawafundile. Uthando lwakhe lobunjiniyela bukagesi lwakhula okutholele ekutheni aphokophele okuyofunda ekolishi e-Ermelo lapho ezimisele ngokuyofunda khona.

Ukuvulwa komgodi iBalgarthen akumtholelanga umsebenzi kuphela kodwa kuvuse uthando lwezobunjiniyela kuThembelihle. “Ngiyajabula ngokuthi ngizoqhubeka nokufunda ngoba ngiyabuthanda ubunjiniyela. Emva kokwenza ama-N-levels, ngizocela ukuya eColliery Training College ngiyobhala izivivinyo ngoba ngiyafisa ngempela ukwenza ugesi uba okufundele,” kusho uThembelihle.