Ukusebenzela umphakathi kuyamthokozisa uSimo

Community Liaison Officer Simo Lawrence Yende_Office5.JPG

USimo Yende, ono-37, owazalelwa, wakhulela e-Saul Mkhizeville (eyayaziwa nge- Driefontein), okuyidolobha lapho iKangra ikhona, wafunda eVukubone/Qedela Secondary School. “Kwaba mnandi ukubamba iqhaza ohlelweni lwezomsebenzi lweKangra eminyakeni emihlanu edlule, okwakukhona ukuphucula izinga lesikole sethu,” kusho yena.

USimo waqala ukusebenza eKangra ngoMashi 2004 ewumsebenzi ojwayelekile emgodini, kwathi ngawo lowo nyaka wagcina esesebenza ngomshini. Ngo- 2006 wayesethole izitifiketi zokusebenzisa imishini emikhulu yasemgodini. Ngemva kweminyaka embalwa wayesekwazi ukusebenzisa imishini eminingi, wagcina esewumhloli wemishini ngo- 2008. Ngaleso sikhathi, wayesebenza esikhungweni sokuqeqesha saseKangra efundisa abantu abafikayo ukusebenzisa imishini, ehlola nesimo semishini.

Ngo-2013 uSimo waqala ukusebenza emNyangweni wezokuXhumana nabanye abalingani eKangra enza umsebenzi wokuba wumxhumanisi wenkampani nomphakathi, okuwumsebenzi awenzayo kumanje nawuthakasela kakhulu namanje.

Umphathi wakhe wu-Nelly Mantshintshi iMenenja yezokuXhumana noMphakathi. Umsebenzi kaSimo unezinto eziningi zokuxhumana nomphakathi okukhona kuzona ukwazisa umphakathi ngamathuba akhona, amathuba omsebenzi ezinkampanini zendawo nokuphendula imibuzo ngabadinga ulwazi nosizo.

Uthi: “Isikhathi esiningi ngifaka izaziso emphakathini ezingqwembeni zezaziso okuyindlela enkulu esazisa umphakathi ngayo okwenzekayo nangamathuba akhona.” Uqhuba Izifundo USimo wenza unyaka wesibili kwi-Bachelor of Public Administration (i-BPA) eMANCOSA, ngosizo lomfundaze awuthole eKangra. “Nganquma ukwenza i-BPA ngoba ihambisana nomsebenzi engiwenzayo emnyangweni wami.

Iwusizo olukhulu kakhulu emsebenzini wami,” kusho yena ngesasasa. USimo uthi uyabonga kwiKangra ngokumsiza ukuthi aqhube izifundo zakhe.

“Engikufundayo kuwusizo hhayi emsebenzini wami kuphela, kepha ngiyokwazi ukukusebenzisa kweminye imisebenzi ngisho ngingasekho kwezezimayini.”

Uphethe ngokuthi ukuhlale ufunda kuyinto emqoka ekutholeni amakhono okucabanga ujule, uthole nezindlela ezintsha zokusebenzisana nabantu bezinhlanga ezehlukene, okumqoka emsebenzini awenza nsuku zonke.