Ukulungiswa komgwaqo kubhekwe ukuthi kufukule umnotho waseDriefontein

Uyaqhubeka umsebenzi wokulungisa umgwaqo ongamakhilomitha awu-18 okuthiwa nguMlotshwa eDriefontein, eMpumalanga 

Emizamweni yokuphucula ukuphepha emgwaqweni nokuthuthukisa umnotho, iKangra noMkhandlu waseMkhondlo eMpumalanga bethule uhlelo lokulungisa umgwaqo oluzodla u-R2.9 million.  Abasebenzisa lo mgwaqo sebengalindela ukuthi bazohamba emgwaqweni owubuthebelele uma behamba emgwaqweni uMlotshwa ohlanganisa iDriefontein nothelawayeka u-N2 uma umsebenzi usuphelile. Inhloso yalo msebenzi ukulungisa umgwaqo, ukuvala imigodi kule ndlela engamakhilomitha awu-18. Uyingxenye yohlelo lweKangra lokuthuthukisa ezenhlalakahle nezabasebenzi iSocial and Labour Plan (SLP) futhi uhambisana nowokuthuthukisa owenziwa ngumasipala, i-Integrated Development Plan (i-IDP). 

“Lo mgwaqo usetshenziswa umphakathi, abasebenzi, abafundi, izivakashi nosomabhizinisi, ukuphepha kwabo okubalulekile kithina,” kusho uMpfuneni Mulaudzi oyimenenja ye-stakeholder relations eKangra. “Isinqumo sokulungisa umgwaqo senziwe emva kwemibono esiyithole emphakathini ngesikhathi sihlanganisa iSLP.” Wengeze ngokuthi lolu hlelo luzosiza ukubhekelela imisebenzi eyisithupha yabantu abaqashwe ngokugcwele futhi izovula amanye amathuba ayishumi emisebenzi azotholwa ngabantu basendaweni.

IMenenja yokuThuthukiswa koMnotho weNdawo eMkhwandlwini waseMkhondo uHoward Vilakazi ugcizelele ukubaluleka kwemigwaqo esesimweni esifanele ekwesekeni ukukhula komnotho. “Imigwaqo imiqoka kunanoma ngabe yiliphi iqhinga lokuthuthukisa izinto ngoba ixhumanisa abalimi namakhasimende, abasebenzi nemisebenzi, abafundi nezikole nabagulayo nezibhedlela,” kusho uVilakazi. Izimboni ezimandla eMkhondo zifaka eyamalahle, eyezingodo nezolimo kanti zikhona nezokuchitha isizungu njengegalofu, amahhashi, ukudoba nezikhungo zomlando ezidoba izivakashi. “Ukuhlinzeka ngemigwaqo ephucukile kuzovulela ukuncintisana okuzonciphisela abamabhizinisi nabathengi amanani. Kuzokwenza nendawo ihehe amabhizinisi amasha okungandisa amathuba emisebenzi,” kuphetha uVilakazi.