IKangra iqinisa ezokuphepha

 Umphathi wezokuphepha eKangra uMichael Madonsela

IKangra izimisele ukunyusa izinga layo lezokuphepha emva kokuklonyeliswa ngeMine Health and Safety Council ngokuqeda ama-shift ayizigidi ezintathu kungafanga muntu ngoNovemba wango-2023. UMichael Madonsela, umphathi wezokuPhepha emayini uthi lokhu bakuzuze ngenxa yokubambisana kwawo wonke umuntu ephusheni labo lokufinyelela lapho kungalimali muntu khona. “Umsebenzi wokubambisana kwawo wonke umuntu,” kusho uMichael ogcizelele umsebenzi owenziwayo zonke izinsuku ukuhlola ubungozi kanjalo nobuholi obuyingxenye enkulu yokwenza izinto eKangra.

Imayini iphinde isingathe usuku olwaziwa ngeSafety, Health, and Environment (i-SHE) Day yeMenenja-Jikelele nyanga zonke. Lokhu kugqugquzela ukuthi kuxoxwe ngezihloko ezinhlobonhlobo ezifana ne-TMM, ukunakekela imvelo nenhlanzeko. “Sizimisele ukubhunga ngazo zonke izihloko ezibalulekile,” kwengeza uMichael.