Imisebenzi yomphakathi igqugquzela intuthuko

Amalungu omphakathi waseYende ejabulela ukuphela kwemisebenzi ebiyenziwa yiKangra emcimbini owawungoDisemba ngo-2023

Kusukela esikhathini lapho bebethembela khona eziphethwini nasemifuleni, ushintsho selufikile emindenini engu-30 yaseDonkerhoek esikwazi ukuthola amanzi empompini emagcekini abo. “Ukuba nompompi sekushintshe izimpilo zethu zangcono ngoba besihamba ibanga elide ukuyokha amanzi,” kusho uNtombiyeningi Yende. IKangra izimisele ukuqhubeka nemizamo yokusabalalisa ingqalasizinda yamanzi ukuze ingagcini kule mindeni engu-30 ehlomulile kwiYende Farmers Trust. Lo msebenzi kulindeleke ukuthi usize eminye imiphakathi eyisikhombisa yasemapulazini uma isiphothuliwe.

“Umphakathi uyajabula ukuthi iKangra ikufezile eyazibophezela kukho,” kusho uMelusi Yende, uSihlalo weYende Famer’s Trust. Umphakathi uthole nehholo elenziwe kabusha nemizi emibili eyakhelwe imindeni emibili eyasuswa lapho eyayihlala khona. Lokhu kubambisana okufaka iKangra, iYende Trust Committee noMasipala waseMkhondo, kuyisibonelo esihle sokubambisana ekuletheni ushintsho.

Lolu hlelo lokuhlinzeka ngamanzi selusesigabeni sesibili lufinyelele emindenini ewu-35 eThuthukani Communal Property Association. “Sithemba ukuthi sizoyiphothula ngaphambi kokuphela konyaka,” kusho iKangra stakeholder relations manager uMpfuneni Mulaudzi.Uhlelo lweKangra lokufukula umphakathi alugcini nje ngemisebenzi yengqalasizinda yamanzi, kunemizamo yokuphucula izindlu ezakhiwe ngodaka zibe ngezezitini kuleyo mindeni ehlonziwe. Cishe u-98% womsebenzi usuphothuliwe emindenini emihlanu yokuqala ekuqaleni kuka-2024. “Njalo uma kunendima ekhathulwayo, iKangra iyazibophezela kabusha ekwenzeni umehluko ezimpilweni zabantu,” kusho uMulaudzi.