Umfundaze ucije uMahlako kwezemfundo

Creditors clerk Mahlako Moganedi8.JPG

UNksz Mahlako Moganedi (38) owumabhalane wezikweletu, uyingxenye yethimba lomnyango obhekele ezezimali eKangra futhi wenza unyaka wesithathu ezifundweni ze-Bachelor of Commerce (i-BCom) kwi- Financial Accounting e-UNISA.

Izifundo zakhe zixhaswe ngumfundazwe awuthole eKangra. UMahlako uqale ukusebenzela le nkampani ngoMeyi 2016 kanti une-Diploma ye-Internal Auditing kanti uneminyaka esebenza. “Ngiyalibonga kakhulu ithuba engilinikwe yiKangra lokuqhuba izifundo zami.

Ulwazi esengilutholile ngokufunda i-BCom seluvele luyangisiza kakhulu. Injongo yami ukwazi konke ngezithinta ezemali kusukela ekumukeleni amainvoice kuye ekuhlanganiseni umbiko wezimali.”

Ukholwa wukuthi kumqoka ukuqhubeka nokufunda nokuhlale umuntu ekhula emsebenzini ngoba izinto zishintsha ngamandla emhlabeni kanti imfundo imqoka ekubeni nolwazi olusha kanjalo nezidingo zokusebenza manje.

“Ukufunda izinto ezintsha kungenza ngizizwe ngizuze okukhulu, kukhulisa ukuzethemba kimina futhi kuyangigqugquzela ukuthi ngingazinqeni izinselelo ezintsha emsebenzini,” usho kanje.