UVusi uphokophele ukuthuthukisa inkampani yokwakha

UVusi Thabethe, umqondisi wezoKwakha eZamak

Umqondo webhizinisi kaVusi Thabethe owasukela ekuboneni impumelelo kamkhulu wakhe kwezamabhizinisi yaholela ekutheni asungule iZamak Construction ngo-2019. Uqale ngemisebenzi yokubiyela eKangra ngo-2022, uVusi usengeze eminye imisebenzi ayenzayo wafaka nokukhonka, ukwakha ama-lapa nezindawo zokukhoselisa imoto ngonyaka olandelayo.

 

“Uthando lwami lwamabhizinisi luqhamuka ekukhuleni kwami ngoba umkhulu unenkampan yonogada nebhizinisi lezolimo. Ngisebenze kakhulu naye futhi ungicathulisile wangifundisa okuningi,” kusho uVusi. Inkampani yakhe, yakhe uthango lokubiya ezindaweni ezintathu zeKangra okukhona Udumo, iBlock C neBalgarthen.

Inkampani ibhaliswe ngo-2019 emva kokuthi uVusi eshiye umsebenzi wakhe omdala lapho wayesebenza khona njengomuntu obheke ezokuphepha nezokuvikela eMnyangweni wamaNzi eMpumalanga. “Ngaba yingxenye yobuholi benhlangano yendawo yamabhizinisi ngase ngibhalisa ibhizinisi lami. Ngangizimisele ukukhula embonini yezokwakha ngoba ngibona amathuba,” usho kanje.

Usebenzisana kahle nemayini futhi uthemba ukuthi uzokhula athole izinkontileka zesikhathi eside. IZamak Construction iqashe abantu abayisishiyagalombili futhi uVusi ufisa ukuvula amanye amathuba emisebenzi. “Izinkontileka zesikhathi eside zizosiza ibhizinisi lami likhule. Zizosimamisa nabasebenzi bami,” usho kanje.