UBuhle ufeza iphupho lakhe

Umphathi wakwaNdabazabantu eKangra, uBuhle Nzuza

Umsebenzi uBuhle Nzuza angena kuwo ngephutha cishe eminyakeni engu-16 edlule yiwona osuphenduke ubizo lwakhe lwangempela. Indaba kaBuhle iqale ngokuthi ahluleke kaningi ukungena emkhakheni wokuba ngunesi, ukulinda kolayini abade nokunqatshwa ngamanyuvesi.

Nokho yize kwakubuhlungu ngaleso sikhathi, lolu hambo lugcine luholele uBuhle emkhakheni wakwandabazabantu, umsebenzi asekholwa wukuthi wazalelwa wona. Namhlanje uBuhle uphethe kwandabazabantu eKangra lapho esiza khona ukugcina amakhono emayini. Ufike eKangra ngo-2010 ezoba yithwasa, wakhushulelwa ekubeni yi-HR Admin clerk emva konyaka. Wagcina esesebenza kwandabazabantu ngaphambi kokukhushulelwa ekubeni ngumphathi ngo-2023.

Uhambo lukaBuhle luqalengezifundo EMthashana TVET College kwaNongoma, KwaZulu Natali, ngo-2009, lutshengisa ukubekezela. Uqhubeke nezifundo zakhe eMancosa wagcina eseHonours ngo-2020. Ebheka izingqinamba adlule kuzona, uBuhle ukhumbula ezama ukubhalisa e-University of Zululand ophikweni oluseDlangezwa, eMpangeni ngo-2007. “Sasivuka ngo-1 ekuseni siye enyuvesi. Kwakuyimina owangena sekusele ababili ngaphambi kokuthi uvalwe ulayini.”

Emva kokuphoxeka, uBuhle waphindela kubo KwaNongoma ngenhloso yokwenza noma yiziphi izifundo eMthashana College. Uma ebheka emuva, akazisoli ngendlela ayikhetha. Ukuphatha abasebenzi enkampanini yezimayini kudinga isineke, ukukwazi ukugxila emsebenzini nanokungasabi ukukhuluma, izinto zonke uBuhle anazo. “Ngiyathanda ukusiza abantu kakhulu futhi sengifundile ukubhekana nezinto ezinzima nanokwenza abantu bakhululeke ngisho ezimweni ezinzima,” kusho yena.