Umsebenzi wokuvuselela uvuselela umhlaba owawunemayini

Isigaba sesibili somsebenzi wokulungisa iBlock C siyaqhubeka eKangra                             

Usuqalile ukuhluma utshani okutshengisa ukuphothulwa ngempumelelo kokulungiswa kukaBlock C eKangra. I-Block C yayiyingxenye Maquasa okuyinkampani yeKangra esiyavalwa. Umsebenzi ugcine ukwenziwa khona ngoMeyi wangonyaka odlule kanti ukulungiswa bekwenzeka kanyekanye nokumbiwa phansi.

Ukuvuselela kufaka ukugcwalisa indawo obekumbiwa phansi kuyona ukuyibuyisela esimweni eyayibukeka ngaso phambilini. Kuhlanganisa nokutshala kabusha utshani ukuvikela ukuguguleka kwesihlabathi nokuvumela ezinye izinto eziyingxenye yendawo ukuthi zikhule. Zithi zisuka nje amadaka, kuhlelwa izinto ngobunyoninco futhi kuba nesabelomali somsebenzi wokuvuselela ngaphambi kokuqala okumbiwa phansi.