Owendawo usenabele ekuqashiseni ngamathoyilethi

UDoctor Shabangu, umqondisi weMgquzeni & General Construction

Ngaphezudlwana kweminyaka emine edlule, uDoctor Shabangu waqala ukuqashisa ngezindlu zangasese ezingomahambanendlwana eziyisithupha kwikhasimende lakhe lokuqala. Kusukela ngaleso sikhathi, inkampani yakhe iMgquzeni & General Construction, isikhule yaze yaba nezindlu ezincane ezingomahambanendlwana eziwu-60. Kuzona, eziwu-37 zisetshenziswa yiKangra besekuthi ezinye ziqashwe kwezinye izindawo. Izinze eKransbank, okungeminye imiphakathi iKangra esebenzela kuyo, uDoctor uthi inkampani yakhe ikhuliswe ukusebenza neKangra, ubudlelwano obaqala ngo-2019.

Usebenze iminyaka emithathu eKangra ngaphambi kokuba usomabhizinisi. Waqala engumsebenzi ojwayelekile ngaphambi kokukhuphukela esikhundleni sokuba ngumabhalane wasesitolo ngonyaka olandelayo. Ebheka lapho esuka khona, uDoctor ukhumbula izifundo azifunde ngesikhathi esebenza ezimayini. “Ukusebenza ezimayini kungisizile ebhizinisini lami ikakhulukazi ngokulandela imidanti yezokuphepha,” kusho yena.

Izindlu zangasese ezingomahambanendlwana zisetshenziswa emgodini kanjalo nakulezo zindawo ezingekho emgodini. U-Doctor akacucuzanga wafaka naye isicelo ngesikhathi kukhangiswa ithenda yalo msebenzi. Ubalule izigcawu zokucobelela ngolwazi ezenziwa yimayini okufaka ukucija osomabhizinisi bendawo ngendlela efanele yokufaka isicelo sethenda.

Inkampani kaDoctor iqashe abantu ababili futhi uthemba ukuthi uzovula amanye amathuba entsha ngomuso. Ukuqashisa ngezindlu ezincane yigxathu alibona lizokhulisa igama lenkampani yakhe futhi limvulele amanye amathuba embonini yezimayini. “Isifiso sami ukugcina sengenza imisebenzi yokumbiwa phansi, kancane kancane,” kusho yena.