Inkampani yokuhlanza ephethwe yintsha izimisele

Umqondisi wosonkontileka baseZamaphangwa, uMsizi Yende

Usomabhizinisi waseDriefontein uMsizi Yende wasungula inkampani yakhe eminyakeni eyisithupha edlule ngoba enesifiso sokuba ngumqashi nokwenza umehluko emphakathini wakhe. IZamaphangwa Contractors, ephethwe uMsizi oneminyaka ewu-28, ihlinzeka ngemisebenzi yokuhlanza eKangra kusukela ngo-2020.

“Ngizimisele ukukhulisa ibhizinisi lami ngokusungulela intsha amathuba nangokubambisana nezinkampai esisebenzisana nazo. Ngizimisele ngokukhula ngayo yonke indlela,” kusho uMsizi. Inkampani iqashe abantu abayisihlanu kanti izinkontileka ezifana nezeKangra zenza ukuthi umsebenzi usimame.

Ithimba leZamaphangwa likhuculula amahhovisi nezindawo zokugqokela emayini kabili enyangeni lisebenzisa amakhemikhali ekhethelo ukuqikelela izinga elifanele lenkampani. Ngaphezu kwalokho, inkampani ihlinzeka ngezinto ezifana nemigqomo esetshenziswa ezindlini zangasese, izitsha zensipho namaphepha okusula ezandla.

Ungusomabhizinisi onekhono elimangalisayo, uMsizi uqale ibhizinisi uma eqeda ukuphothula izifundo zokuba yi-artisan futhi wathola nemali yokuqala ibhizinisi emndenini wakhe. “Angilifundelanga ibhizinisi kodwa ngiwusomabhizinisi ozimiselayo. Ngithe sengiqalile, ngathola ukuthi kuyangichaza ukuba nebhizinisi,” kukhumbula uMsizi.

Uqale wagxila emsebenzini wokuhlanza amabhilidi, okulandele ngokuthi banabele emsebenzini wokukhuculula kanti iKangra yilona khasimende labo lokuqala elikhulu.

“Ukusebenza neKangra kuliphuculile ibhizinisi lethu futhi manje sesinesipiliyoni nemishini yokusebenza noma kuphi,” kuphetha yena.