Uthando lwangaphandle lucabe indlela kaLungelo

ULungelo Thwala, isazi sezemvelo

Ukukhulela emhlabeni onothile wasemakhaya eFernie, eMpumalanga, kwenza uLungelo Thwala, owungoti wemvelo, wabanokuxhumana okukhulu nemvelo ngenkathi esakhula. Ukukhumbula ukulusa, ukubhukuda, ukudoba emfuleni oseduze nokuzingela ngamaholidi kwamenza wabanothando lwemvelo. “Umkhakha wokuphatha imvelo ubanzi futhi uyakhanga. Uma uthanda imvelo, kuhle ukuqhubeka nawo, njengoba unemikhakha eminingi umuntu angayilandela,” kusho yena.

Wafunda eChief TD Nkosi High School, esigodini saseMpuluzi ngaseFernie, lapho aphothula umatikuletsheni khona ngo-2008. Ngemva kwalokho wafunda e-University of the Free State eBloemfontein ngo-2010, lapho enza khona iBSc in biochemistry. Nokho kunento eyenzeka ngo-2011 eyamenza washintshela kwiBSc in Geology, isinqumo esashintsha kakhulu umkhakha awuthatha.

“Angikuhlelanga ukubayisazi sezemvelo," kusho uLungelo. "Ngazithela kulo mkhakha ngenhlanhla.” Kwabayinhlanhla ngenkathi iKangra ikhangisa ngesikhala sokuthwasela ukubayisazi sezemvelo ngo-2016, okwanika uLungelo ithuba lokuthi abheke lo mkhakha. Njengoba ayehlome ngezifundo ze-geology kwiziqu zakhe, uLungelo walibamba ngezandla zombili leli thuba. 

Ngo-2018, esasebenza eKangra, wabhalisela ukwenza iziqu ze-Honours kwiGeohydrology. Obekuhamba phambili emsebenzini kaLungelo wokuvuselela owenziwa yiKangra, onhloso yawo bekungukuvuselela izindawo ezimbiwayo. "Le misebenzi imqoka empilweni ezakhele indawo," kugcizelela uLungelo. Ukubheke ngamehlo abomvu ukuphosa esivivaneni sokuqhamuka nezindlela ezintsha zokubhekana nezinselelo ezikhona emkhakheni wokumba.