Sekutheleke uMahlatse ozohola iKangra kwezemvelo

UMahlatse Monareng, umhloli wezemvelo eKangra

Ngesikhathi eqala ukusebenza njengongoti wezemvelo, uMahlatse Monareng wayezimisele okuyiyonanto ehamba phambili namhlanje njengomhloli wezemvelo eKangra. Waqala ukusebenza engumeluleki ogxile ekuhloleni ukuthi imisebenzi esuke yenziwa inamuphi umphumela kwezemvelo nanokucwaninga ukubheka ukuthi iyahlonishwa yini imithetho embonini kagesi ngaphambi kokungena embonini yegolide ne-platinum. Ufike eKangra ngoFebhuwari kulo nyaka. UMahlatse uyavuma ukuthi “ukusebenza ezimbonini ezihlukene yiyona nto enkulu engiyizuzile futhi engikhulisile emsebenzini wami nami uqobo”.

Uzalwe futhi wakhulela ePitoli, lapho ekhuliswe khona ngunina yedwa. “Ngabona umama ezama ngokuncane anakho, ebheke zonke izidingo zethu,” kukhumbula yena. Lezi yizimiso asheshe wazifunda zibe nesandla esikhulu kulo muntu awuyena. Kusukela efunda iBanga 11, uMahlatse wayethanda iNatural Sciences. Wenze iziqu zeBTech in Environmental Sciences eTshwane University of Technology, waphinde wengeza emakhonweni akhe ngeManagement Development Programme eStellenbosch Business School. 

Ugcizelela ukuthi “Ngiyohlale ngiphokophela ukwenza umehluko kukho konke engikwenzayo kanti ukuba wungoti wezemvelo kuyangivumela ukuthi ngenze abantu babone ukuthi sixhumene ngemvelo ngezindlela eziningi kunalokhu esikucabangayo,” kusho yena. Ukuzibophezela kwakhe ekukhuleni kutshengisa ukuzinikela kwakhe ekuphumeleleni kweKangra nezemvelo. “Ngifuna ukuhlale ngiphucula izinto ngokuhlonipha umthetho nangokucathulisa nokuqeqesha,” kusho yena.